b Ithuthukise ukuvikelwa nokufinyelela ekulinganeni ngokobulili; kanye c nokuqapha, ukuhlola nokuqhathanisa ukuhlonishwa ngokulingana ngokobulili namalungelo abantu besifazane lapha eRiphablikhi.
Uphiko loNobhala lona lubhekene nemisebenzi eyahlukene yeminyango kanti luholwa yiSikhulu esiyiNhloko eseNgamele u-Nks Chana Majake.
Imiphumela ebhaliwe ngezindaba ezibe yi ndikimba yenhlolo nokuqaphwa.
Imibhalo yezikhalo eseziphothuliwe eziphathelene nokuphenywa ngokuhlukunyezwa kokulingana ngokobulili okwahlukene.
Lowo ofaka isicelo kufanele asebenzise ifomu elivezwe ePhephabhukwini loMbuso [Isaziso soMbuso esingunombolo R187- somhlaka 15 Februwari- 2002] (ifomu A).
Lowo ofaka isicelo kumele futhi akhombise ukuthi ucela umfanekiso wombhalo noma ufuna ukuzibonela yena mathupha lowo mbhalo ekomkhulu leKhomishani.
Uma umuntu ecela ukukhonjiswa imibhalo ngendlela ethile kufanele akhonjiswe ngaleyo ndlela ayicelile. Ngaphandle uma ukwenza njalo kuzophazamisa ngokungenasizathu ukusebenza kwaleso sikhungo somphakathi noma kuzolimaza lowo mbhalo, noma kuzophula ilungelo lombhalo okungesilona elombuso. Uma ngabe ngezizathu ezithile umbhalo ungeze wakhonjiswa ngendlela ocelwe ngayo kodwa ungakhonjiswa ngenye indlela, imali ekhokhwayo kufanele ibalwe ngokuhambisana naleyo ndlela okuzokhonjiswa ngayo umbhalo.
Uma ngabe lowo ofake isicelo ecela ulwazi esikhundleni somunye umuntu, kufanele akhombise isikhundla okufakwa ngaso isicelo leso isigaba- 182f.
Uma ngabe lowo ofaka isicelo engakwazi ukufunda nokubhala noma ekhubazekile ngandlela thile, angafaka isicelo ngomlomo.
Umfakisicelo ocela umbhalo ophethe imininingwane yakho qobo akudingekile akhokhe imali.
Isikhulu soLwazi kufanele simazise umfakisicelo (ngaphandle kwaloyo ocela imininingwane yakhe) ngokuthumela isaziso esimazisayo ukuthi kufanele akhokhe imali enqunyiwe (uma ikhona) ngaphambi kokuba kuqhutshekwe nesicelo.
Imali yokufaka isicelo ekhokhelwa isikhungo zomphakathi ngu-R35. Umfakisicelo angafaka isikhalo ngaphakathi, uma kufanele, noma afake isicelo enkantolo uma ephikisana nokukhokha imali yokufaka isicelo.
Ngemuva kokuba isikhulu solwazi sesikhiphe isinqumo mayelana naleso sicelo, kufanele kwaziswe lowo ofake isicelo ngaleso sinqumo ngendlela acele ukuba aziswe ngayo lowo ofake isicelo.
Uma isicelo samukelwe kufanele kukhokhwe enye imali yokufuna, ukulungiswa noma ukwenziwa kabusha kanye nesikhathi esichithiwe kulungiswa umbhalo uma seqile esikhathini esinqunyiwe sokufuna nokulungiswa kwemibhalo ukuze idalulwe.
Usizo lweKhomishani lungumsebenzi phakathi kwezinhlelo noma umnyango owenziwa yikhomishani ukuze ifeze umsebenzi wayo. Kungenzeka kube khona ezinye izinhlelo ezahlukene eziyimxhantela ngaphansi kwezinhlelo. Lokhu kumbandakanya izinhlelo okuchazwa ngazo umsebenzi weKhomishani: isibonelo, umnyango wezoMthetho, Ucwaningo, Ukuqapha nokuhlola, Ukufundiswa uMphakathi nolwazi. Izinhlelo ezingaphansi koCwaningo, ukuqapha nokuhlola kungaba isizinda solwazi.
UMthetho weKhomishani yokuLingana ngokobulili ongunombolo-39 we-1996 yiwona omisa umsebenzi weKhomishani okungukuvikela, ukukhuthaza nokuthuthukisa ukulingana ngokobulili nokwenza-ngcono izikhundla zabantu bbsifazane kuhulumeni, izikhungo zomphakathi, kwezamabhizimisi kanye nomkhakha wezemisebenzi ongekho ngaphansi kukahulumeni.
Ukuhlola nokuqapha noma imuphi uMthetho wePhalamende noma imuphi omunye umthetho noma isivumelwano ukuphenya izikhalo ngokuzisukumela noma ngemuva kokuthola isikhalo futhi bese uzama ukuxazulula noma iyiphi inkinga noma ukulungisa isenzo noma ukwehluleka ukwenza okuthile.
Izinqubomgomo zokuqapha nokuhlola, izinhlelo zenqubo kahulumeni, izithunywa zikahulumeni , izikhungo zomphakathi nomkhakha ongekho phansi kukahulumeni.
Ukuze uthole usizo lweKhomishani , kufanele kwenziwe isicelo sibhekiswe kuSikhulu esiyiNhloko esiNgamele seKhomishani kusetshenziswa imininingwane ebekwe ku B ngenhla.
Amakomiti ngokwesigaba -5 - ngokoMthetho weKhomishani yokuLingana ngokoBulili mayelana nokuthi yibaphi abantu okumele baqokwe kulawo makomiti.
Izinhlelo zokuzinikela nokuqashwa okwesikhashana - kukhona inqubomgomo yokuqashwa kwabasebenzi ukuze kuqokwe abantu emphakathini abazogcwalisa lezi zikhala.
Abacwaningi besikhashana - kukhona inqubomgomo ngokuqokwa kwabacwaningi.
Ikhomishani yokuLingana ngokobulili kanye nezinye izikhungo ezisungulwe ngokwesahluko sesishiyangalolunye (soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, uMthetho oyinombolo ye-108 we- 1996) ayinayo inqubo yangaphakathi yokwedluliswa kwezikhalo njengezinye isikhungo zomphakathi eziningi. Umuntu onesikhalo kuyofanele aqonde enkantolo uma ngabe kunesikhalo sokungalandelwa koMthetho yiKhomishani.
Ikhomishani iyovuselela lencwajana ngokwesigatshana sesigaba 14, esikhathini esingekho ngaphezu konyaka.
Umfanekiso ngezilimi ezintathu ezikhulunywa kuleyondwawo yokugcinwa kwemibhalo okukhulunyywa ngayo kuMthetho wokuGcinwa kwemiBhalo ka 1997; wonke amahhovisi eKhomishani yokuLingana ngobulili kanye neKhomishani yamaLungelo Abantu.
